Uthandolwethu

Uthandolwethu

Episode 1

Kusemini emzini ka John e Ballito, ilanga liphumile .uSizakele uthuswa ukukhala kocingo lwasendlini. Olumvusa kusofa la aficwe khona ubuthongo kade ebukela izindaba kumabonakude emva kokuqeda ukuhlanza indlu.Uvuka uyadwayizela ulibangise obondeni la kulenga khona ucingo. Aludonse alubeka endlebeni.

SIZAKELE : Hello! This is …

CALLER : (ngezwi lowesilisa onesihosha)Sawubona weSizakele.Ngiyathemba iphimbo lami awakalilibali.

SIZAKELE : (Athuke ome . ) Njabulo? (Ngokuthukuthela) Uyitholephi le nombolo ? Ufunani kimi ngempela ? Hlukana nami phansi .

NJABULO : Kahle ngamawala .Gada nendlela okhuluma ngayo nami . Ngathi usungikhohliwe nje .

SIZAKELE : (ngezwi elinxenxayo )Ngicela Uhlukane nami Njabulo ,ungaphinde futhi uyifonele le nombolo .

(alucime ucingo alubuyisele obondeni. Ahlehle kancane. Isandla sokudla sasibeke esifubeni esinye abambelele ngaso kusofa .Uphefumulela phezulu lusho ukumqeda uvalo. Esamile khona lapho luphinde lukhale ucingo . Alubuke eside isikhathi. Umzimba wonke uyavevezela .Aludonse kancane ngesandla esiqhaqhazelayo alubeke endlebeni qede angasho lutho.

NJABULO : Lalela la we Sizakele. Angisinisi wona amahleza la . Hlela ukuthi sihlangane lingakapheli leli sonto . Kungenjalo ngizozifikela mathuba lapho ngingasadle nkobe zamuntu .Ngiyabona uyashesha ukukhohlwa, ngizokukhumbuza kungekudala kuthi ngubani mina . (Anxaphe aluvale ucingo)

Alubuyisele odongeni ucingo uSizakele.Uyabitoza uvalo. Ahambe aye egumbini lokuphekala . Athathe inkomishi akhe amanzi aphuze. Ukwenza konke lokho uyazibuza uyaziphendula.Okummangaza kakhulu uSizakele ukuthi uNjabulo lo uyithole kanjani le nombolo yocingo . Ngoba akaze ayisebenzisa nakanye ukwenza izincingo eziqondene naye (personal calls) ngoba u John wakubeka kwacaca ukuthi angalusebenzisi ukushayela abangani .Awuphebeze lowo mcabango ngoba angeke kusamsiza ngalutho ukwazi konke lokho. ahambe u Sizakele ayoziphosa ku sofa.

SIZAKELE : (ecabanga) Ngizokwenza njani ngempela. Ey ngoba Usizi luyazi kubo kwalo.Shuthi uNjabulo usengapha eThekwini? Noma ngingaya kuphi Uhlezi ezoyithola Indlela yokungithola. oh heee ! Okwami okwezandla . Ngeke akakwazi ukuza lapha . Uzongilahlekelisa ngomsebenzi ngaleli khanda lakhe eligxabhayo.Sengikhathele ukubaleka manje. Mhlampe sekuyiso iskhathi sokuthi ngibhekane naye nqo manje . Ayisekho indawo yokucasha. Angikwazi ukuphilela ukubaleka njalo nje .

(Aphuthaphuthaze amakhona kasofa ebheka umakhalakhukhwini wakhe. Awuthole , awutoboze bese ewubeka endlebeni , ukhale kabili kathathu ubanjwe )

BUYANI : Sawubona Sizakele kunjani ?

SIZAKELE : Mangingathi ngiyaphila ngabe ngihubhuza aluhlaza . Izinto azihambi kahle neze .

BUYANI : Sekwenzenjani Sizakele khuluma nami .Ngabe ilomlisa uNjabulo futhi ?

SIZAKELE : Yebo nguye .

BUYANI : (emungena emlonyeni ) Kodwa nawe Sizakele . Kunini ngasho ngathi lomlisa muyeke kimi ngizomlungisa angaphinde nhlobo akuhluphe . Cha wena ufuna ukwenza ngendlela yakho .

SIZAKELE : Angifuni ukubeka impilo yakho egcupheni. Kanti yini ongayiqondi lapho ?

BUYANI : Ngasho ukuthi ungakhathazeki ngami . Noma usamthanda lo mlisa .

SIZAKELE : (ngokucasuka) Usubuyela umuva kulenkulumo futhi manje ? Yini ongayizwanga kulokhu engakuchazela khona phambilini? Ngahlukana noNjabulo ngoba ngingasamthandi . Angazi yini enzima ukuqonda lokho . Qha angifuni ukufaka impilo yakho ebungozini ngoba uNjabulo ungumuntu onjani.

BUYANI : Tshela minake isizathu sokuthi ushayele mina ucingo isiphi ke ?

SIZAKELE : Uthe ufuna sihlangane lingakapheli leli sonto kungenjalo uzozizela mathuba lapha .Ngicabanga ukuthi ngiye Kwamashu ksasa vele uLwesihlanu ngyagcina ukusebenza.

BUYANE. : Manje ucabanga ukwenza njani ?

SIZAKELE. : Ngicabanga ukuthi ksasa njengoba kungulesihlani ngibuyela emqashweni Kwamashu. Angifice khona . Ngoba Eqinisweni Ngeke ngize ngi ….

BUYANI. :(ngolaka) Awume Sizakela , usuyahlanya lapha ekhanda?Usufuna ukufa ? Awuyi lapho . Yekela kimi lento ngilungiso . Uyeke ukungenza ulamthuthu . Lomfana usechanase kwanele .Noma usukhohliwe ukuthi wacishe walusa amadada eshoukukuqeda ekubonda ngombese . Ngeke ngikuvumele, makunjalo shuthi nami ngizohambaamba nawe .

SIZAKELE : le ibhekene nami .Ngizozilungisela mathuba . (Ngokusongela) Uzowuchama awuphuze. Usefike jwaqhingetshe la esikhathele khona . Iyobonana usale kahle mfowethu …bye ( avale ucingo )

****************************************************

Episodes
Episodes

Updated 1 Episodes

Download

Like this story? Download the app to keep your reading history.
Download

Bonus

New users downloading the APP can read 10 episodes for free

Receive
NovelToon
Step Into A Different WORLD!
Download NovelToon APP on App Store and Google Play